1. Masibonge iNkosi

This hymn expresses gratitude and praise to God, who is celebrated as a preserver and savior from death, urging believers to sing praises and give thanks for His love and sacrifice. It emphasizes the importance of acknowledging God's sovereignty and honoring Him through worship and devotion.

1. Yizanini, siyibong' İNkosi, Masihlabelele phambi kwayo, Ngoba yona inguMlondolozi, Isiphethe ngawo um'sa wayo. Uma kungayanga ngom'sa wodwa, Ngabesilahliwe ekufeni. Kepha manje ubukhosi bodwa, Noma sizomuka emhlabeni.

2. Luph' ulimi olungadumisa Loluthando esithandwa ngalo? Uph' umlomo ongaluphimisa Loludumo, lungapheli njalo? Shono njengoDavid', wathi yena: "Ukubonga akuyikuphela Emlonyeni wami, ngobatshena Nabonay' eyonayon' indlela."

3. Lowo munt' ubusisiw' impela Olibele eyibong' İNkosi, Ebabaz' İMvan' eyasifela, Umhlatshelo olihlabahlosi. Lonk' ibandla elisezulwini, Limdumis' uJesu, uSomuhle, Nathi masivum' esixukwini, Simkhulis' osipha konk' okuhle.