109. Ngingumhambi

This Zulu hymn expresses the singer's reliance on Jesus as their shepherd and savior, guiding them through life's difficulties and offering them peace and spiritual sustenance, even amidst earthly trials and temptations. The hymn emphasizes finding solace and strength in Jesus's presence and guidance, anticipating a final homecoming with Him.

1. Ngingumhambi emhlabeni, Kodwa angesabi, Ngiyalondolozw' uJesu, Ngumalusi wami. Ngal' uthando wangifela Ukungisindisa. Ngeqiniso nangoMoya Uyangiqondisa.

2. Ngiyalizwa izwi lakhe, Ngiyalazi lona. Ngiyalilalela, ngiya Laph' ethanda khona. Emthonjeni wokuphila Uyangiphuzisa, Nangesinkwa sokuphila Uyangiqinisa.

3. Ukwethaba nokuthula Ngifumana kuye; Naw' amandla okwahlula Ngiyaphiwa nguye. Noma sengihlatshw' ameva, Ngiyehlelw' umnyama, Umsindisi wongihola, Angiyikwesaba.

4. Ngisahamba ngiyabheka Kuwe, Jesu wami. Wena onamandla onke, Uyinqaba yami. USathane uyafuna Ukungibhubhisa; Ngakho, Jesu, yiba nami, Ukungisindisa.

5. Okomhlaba kuyadlula, Nentokozo yawo. Masinyane thina sonke Siyomuka kuwo. Kuhle uma sesaziwe UMsindisi wethu; U'ba phela singeniswe Nguy' ekhaya lethu.