115. Abantwana abeNkosi

This hymn expresses gratitude and faith in God as a loving and powerful protector of his children, shielding them from danger and guaranteeing salvation. It emphasizes God's unwavering care and provision for the church, promising joy and victory over enemies.

1. Abantwana abeNkosi, Kabanzo izingozi; Bahlez' okwenyon' endlini, Nenkanyezi ezulwini.

2. OyİNkosi yaphezulu Ubathanda, he kakhulu; Ubafaka ekhwapheni, Bangengene ekufeni.

3. 'Kakh' umuntu onamandla Okuchith' elakh' ibandla; Yen' ungumfo weth' impela, Usiphath' usivikela.

4. UnguBab' onobubele, Uyabala nezinwele, Usifunz' usigqokisa, Yebo, usijabulisa.

5. Jabula-ke ngakho, bandla, Uvikelwa onamandla. Zonk' ezakho-ke izitha Uzisusa ezichitha.

6. Noma ungashayw' uvalo Yena unguYihlo njalo, Into inye ayifisa Yona: ukukusindisa.