122. Mbheke uJesu
This hymn offers comfort and hope, assuring believers that Jesus is the answer to all their anxieties and needs, providing salvation, forgiveness, companionship, sustenance, and ultimately guiding them from loss to joy and certainty. It emphasizes Jesus's power to alleviate suffering and provide direction in life's uncertainties.
1. Wena okhala ubuza uthi: "Ngofik' imbal' ezulwini mina?" Umbhek' uJesu, umbhek' uJesu, Unaw' amandla okukugcina.
2. Ukhala futhi ngokukhohlisa Kwezono, nokudukiswa kwakho? Umbhek' uJesu, umbhek' uJesu, Uyena-ke onguMeli wakho.
3. Ukhala ngaz' izihlobo futhi, Ngokuthi "Ziyangishiya njena?" Umbhek' uJesu, umbhek' uJesu, Akakudeli nakanye yena.
4. Uyakhalela ukudla, uthi: "Ngiyakudlani, ngiyophuzani?" Umbhek' uJesu, umbhek' uJesu, Uyakusiza noma kunjani.
5. La' uSathane ekusabisa Ngokufa nangobuhlungu bakho, Umbhek' uJesu, umbhek' uJesu, Nguyena njal' onguMphathi wakho.
6. Noma kuyini othintwa yikho Ukuthokoza nokudabuka Umbhek' uJesu, umbhek' uJesu, Khona-ke awuyisakuduka.