123. Izithembiso zenkosi
This hymn emphasizes unwavering faith in God's promises, secured by Jesus' sacrifice, even amidst trials and uncertainty, assuring believers that they will not be put to shame. It encourages trusting in God's strength and faithfulness, drawing parallels to biblical figures like Abraham, who persevered in faith despite difficult circumstances.
1. Izithembiso zeNkosi Zimi phakade zona; Wakuqinisa ngegazi, Akuthembisa khona. Kodlula izulu nomhlaba, Zoncibilik' izintaba, Keph' akayikwesaba Omethembay' uJesu.
2. Yenza njengoAbrahama, Bheka ngasezulwini, Uzibal' izithembiso, Uqine eNkosini.
3. Themba nokuba kumnyama, Nxa ungasekh' unyezi; Ngoba ngaphezu kwamafu Zikhon' izinkanyezi.
4. Themba noma uzingelwa Ngenxa yenkolo yakho. Esithandweni somlilo Unaw' uThixo wakho.
5. Themba noma uyashiwa Ngabathandwayo. Ngoba Ngek' akushiye uJesu, Ngaye uyakunqoba.
6. Themba noma sekuthini, Uzonc' ushiy' umhlaba; Omthemb' uJesu elapha, Yen' akayikujabha.