125. Uyathanda na?

This hymn encourages believers to embrace sacrifice and endure mistreatment for their faith in Jesus, emphasizing that through consistent devotion and looking to Him, He will transform them and guide them away from the darkness of temptation and worldly allurements, ultimately strengthening their faith. It warns against allowing worldly possessions and enemies to overshadow devotion to Jesus.

1. Uyathand' ukuthabatha 'Siphambano sakho la, Nokuyilandel' iMvana, Lapho iya khona na? Uyathand' ukuhlangana Naye uMsindisi la, Nokuthwal' ihlazo lakhe Owakufelayo na?

2. Uyakheth' ukuzidela, Nokuphathwa kabi la, Ngenxa yokukholwa kwakho Nangegama lakhe na? Laph' abanye bekuyenga, Uyathand' ukuthi: "qha," Nokunqob' izitha zakho, Ngokuthanda zona na?

3. Uma usufunisisa, Ukumfuz' uJesu la, Khona kuyakudingeka Ukulahla konke, nya. Okungamagugu kuwe, Okuzithathile-ke Isikhundla sikaJesu Enhliziyweni yakho, he.

4. Ngokubheka kuye njalo, Uyakuphenduka, he, Won' umfanekiso wakhe, Kwande njalo njalo-ke. Ukukhazimulakazi, Ube-yinkanyezi, ngqa, Ebakhanyisela bona Abasemnyameni la.