129. Ikhwezi lokusa
This Zulu hymn emphasizes the importance of believers separating themselves from the world and its negativity, embracing the light and love of God, and preparing themselves for the Lord's return, urging vigilance and mutual support among the faithful as they await their heavenly reward.
1. Welikhwezi lakusasa, Khanya laph' ebumnyameni, Bakhanyis' abadukile, Badonsel' ekukhanyeni. Namakholwa akhanyiswe, 'Nkos' iyeza masinyane; Soyibona emafwini, Kuyokhonya kuthi bane.
2. Bon' abantu bokukhanya, Bayophathw' isandla sayo, Emanzini nasehlane, Behambel' ikhaya layo. Siyobhek' empumalanga La ikhwezi lithi, bane 'Ziboniso zonke zithi, 'Nkos' iyeza masinyane!
3. Welikholwa, phuma kubo Abomhlaba nakokwabo, Ungahlanganyeli nabo Em'khuben' emibi yabo. Osathand' ukub' abizwe Abomhlab' ukuthi: "Mngane!" Uyisitha saleNkosi Eyobuya masinyane!
4. Singabanjwa ngakh' ukona Nemikhuba eyingozi; Sizilungisel' usuku Lokuhlangabez' iNkosi. Makukhishw' insila yonke, Singashiyi nakuncane, Sihlukane nabomhlaba, 'Nkos' iyeza masinyane.
5. Masilulekane njalo, Silungele lon' izulu, Sizigcine othandweni, Ngoba kunomvuz' omkhulu. 'Badukayo bobuyiswa, Nxa sihlala sithandane, Sizilinde, sisebenze. 'Nkos' iyeza masinyane!