133. Vuka, mphefumulo

This hymn emphasizes God's immense mercy and forgiveness towards those who turn to him, offering healing, courage, and ultimately deliverance from suffering and sin, despite human frailties and transgressions. The central message is of God's compassionate and ever-present love for his people, who are reminded of their dependence on him as their ultimate source of salvation.

1. Vuka, mphefumlo, Ubong' uJehova kakhulu! Bonga umusa phakeme, ungangezulu. Wohlabelela, yena-ke uyalalela, Yeka uthand' olukhulu!

2. Yena uyaxolela iziphambeko zakho, Uyazelapha nezifo emzimbeni wakho. Usekufeni, noma ekuhluphekeni, Ukumisa isibindi.

3. Uyanelis' umphefum'lo Ngokuhl' okuningi, 'Kuze undize, upheph' izihibe zomlingi, Uyalungisa, futhi uyakubusisa. Uyamkhuphul' ongumdingi.

4. Uyahawukela, evama umusa ongaka, Unobubele, kathand' ukuveza ulaka; Lomusa wakhe ukubo abantu bakhe; Ubakhumbul', abanake.

5. Ngengempumalanga ikude Nentshonalanga Udedisile izono, kanawo amanga, Lonke uvalo luphelisiwe kanjalo; Nokho-ke asimkhonzanga.

6. Uyakhumbula ukuthi siyilo uthuli, Akalithethi icala nje njengomahluli. Njengob' uyise umntwana wakhe ambize Njalo sibizw' uMkhululi.