134. Themba eNkosini
This hymn encourages perseverance in faith by reminding believers that God is always watching over them, promising to provide for their needs, and remaining faithful to His promises, just as He has been throughout history. The message is one of trust and hope, assuring believers that God will never abandon His people and is preparing a secure future for them.
1. Ungakhathalel' ingom'so phela, Ngoba ingomuso inokwayo. Beka konke ukukhathalela Kuy' uThixo osikhumbulayo. Angakhohlw' inhlamvu yeso lakhe, Nom' isandla sakhe sokunene? Njalo angekhohlw' abantu bakhe, Ubanaka njalo ngobumnene.
2. Yena wathembis' ukusinka Esikudingayo emihleni; Noma singenakho ukuqonda Onk' amasu akhe endleleni. Ungamthemba yena uSomusa, Wathi, akasoze akuyeke; Izwi lakhe liyasiphumuza, Angeshiy' abantu bakhe, ngeke!
3. Ubusiswa oyethemb' iNkosi, Nokholwayo njengoAbrahama; Wayevakashelw' izingelosi; Wayelinda noma sekumnyama, Yebo, ukukholwa kunomvuzo, Babetuswa ngakho abendulo. Nathi simthembel' okwangomuso, Usilungisel' inkazimulo.