136. Isiphephelo sejuba

This hymn expresses a deep reliance on Jesus as a safe haven and refuge in times of trouble, temptation, and weariness, emphasizing the peace and security found in hiding oneself in Him. It highlights the belief that Jesus is a strong fortress providing comfort and salvation.

1. Njengejuba lindizela Edwaleni, liphephela, Njalo ngiphephela kuMsindisi wami; Yena ulidwala lami, Ungukusindiswa kwami, Lapho iphunyuzwa inhliziyo yami. KuMsindisi ngiyacasha, Lapho ngiziphumulela kahle hle, Kunginik' amandl' amasha, Nxa engiduduza ngomusa wakhe.

2. Nxa umlingi engicupha, Nezilingo zingihlupha, Nguy' uJesu oyisiphephelo sam'. Nom' im'khonto iyaciba, Ngizifihla, ngiyaziba, Ngoba iqinile yon' inqaba yam'.

3. Makube eyam' indaba, Ngizakhele kulenqaba; Ngob' uJesu uthi: "Hlala kimi la." Khona mhla belandw' abakhe, Logodusw' ijuba lakhe, Lapho izilingo zingasekho, qha.