140. Nginomhlobo
This hymn expresses the joy and comfort found in having Jesus as a personal friend and savior, who cleanses, guides, and ultimately brings the believer to heaven. It emphasizes the constant presence and powerful, royal kindness of Jesus throughout life's journey.
1. Nginomhlobo onothando, Haleluya! Ngiyamazi. Wangifel' es'phambanweni Wangihlanza ngal' igazi. Haleluya! Nginomhlobo, Ungiyisa ezulwini. Ungiphatha endleleni, Ungigcina ekhwapheni.
2. Loluthando loMsindisi Lukhanyis' indlela yami, Lufuyisa inhliziyo, Luqhelis' ikhanda lami.
3. Lowomhlob' uhlezi nami, Yebo, enhliz'weni yami. Nguye ongithokozisa, Sengihuba ngaye nami.
4. Lowomhlobo unamandla, Usehlez' ebukhosini, Uyabus' umhlaba futhi, Noma esesezulwini.
5. Nawe, mngane, huba ngaye, Ngoba ungumhlobo wakho; Nxa umncenga, uyovuma Ukungen' ekhaya lakho.