143. Uyinjabulo yami
1. injabulo yenhliziyo yami Inguwena, Jesu, Mhlobo wami. Um'sa wakh' umnandi enhliz'weni, Kunemfuyo yonke emhlabeni.
2. Mawungiphe ukuqonda kwakho Zonke izinsuku, ngibe nakho; Ngenjabulo noma ngezinsizi Ngisondezwe kuwe, O, Msindisi!
3. Ngiyathanda ukukulalela Ngenhliziyo yonke yam' impela; Kepha kudingeka ungisize, Nangamandla akh' ungiqinise.
4. Mhla ngiyakumuka emhlabeni Ngingeniswe ekujabuleni; Lapho kanye nabangcwele bonke, Ngikubonge ngenhliziyo yonke.