145. Qhubekela phambili
1. Qhuba phambili, wen' olikholwa, Ungadangali noma usolwa. Qhuba phambili, woba-nombuso, Mhla uMsindisi eza nomvuzo. Quba phambili, bhek' ezulwini; Nxa udangele, cel' eNkosini, Qhuba phambili, az' akubize, Uyophumula eParadisi.
2. Qhuba phambili, funa uhlehle, Emva ukhangwa ntoni-ke enhle? Qhuba phambili; namp' abaningi Belwa njengawe bahlul' umlingi.
3. Qhuba phambili, impi isasha, Land' eNkosini 'mandla amasha, Qhuba phambili ebungcweleni, Landel' uJesu enyathelweni.
4. Qhuba phambili, ungaboqhuka, Kuyakhombis' ukuth' uyagula, Qhuba phambili, ungohambayo, Bayathuthuka abaphilayo.
5. Qhuba phambili, ukuphumula Kuyobamnandi. Yek' ukuthula! Qhuba phambili, siyahlalelwa, Masiqinise singavalelwa.