146. Umoya wezwe

1. "Ngasilandel' abany' abantu nje, Siphuze, sidle, sinjengabo." Basuka basho njal' abantu-ke, Baholw' izinkanuko zabo. Bayalandela la' uholela Umoya wezwe omubi, Abaqondanga, ababuzanga, Ukuthi: "Kuholelaphi?"

2. Ungalandel' umoya wezwe, qha, Uyashonisa ekufeni. Awukamthol' uMoy' oNgcwele na? Osiholel' ekuphileni. Uma umntula, shesh' ukuvula Umnayngo wakho wenhliziyo, Uyoba-nalo ithemba njalo, Elingakujabhisiyo.

3. Ubek' isandla egejeni na? Ungabobhek' emuva njalo, Ubizwa khona ezulwini, ha. Uyoba indlalifa yalo, Ngakho qinisa nokuqinisa 'Kubizwa kwakho okungcwele. UJes' uyeza ukubakhweza Abakhe, abamukele.