148. Thabatha izandla zami
1. Thabath' izandla zami, Ungihole. Qondis' indlela yami. Mangithole Amandl' okulandela Ley' eyakho. Ngisiz' ukulalela Izwi lakho.
2. Enjabulweni yami, Ngiphathe, Nkos'. Ebuhlungwini bami Ngisize, Nkos'. Njengob' ingan' ifika Kunina-ke, Kunjalo sengincika, Nkosi, kuwe.
3. Nokub' indlela yami Yofiphala, Kuphel' amandla ami, Wongithwala. Thabath' ezam' izandla, Phatha zona. Khona ngawakh' amandla Ngokubona.