149. Busa, Nkosi yami
1. O, Msindisi, Jesu Kristu, Nguwe oyiNkosi yam'. Yebo manje mawubuse Phezu kwakho konk' okwam'. Busa, Nkosi yam', Busa, Nkosi yam', Ngeqiniso ngisavuma UyİNkosi yam'.
2. Kade ngazinika kuwe, Wazihlanz' izono zam'. Namhla ngiyaphinda, ngithi, Wena uyiNkosi yam'.
3. 'Zandla zami nezinyawo, Kanye nal' ulimi Iwam'. Nezimpahla nani nani, Thatha konke, Nkosi yam'.