153. Umhlobo wakho
1. 'Jesu ungumhlobo wakho, Uyamthanda na? Uyafun' uthando Iwakho, Woluthola na? Wakuthanda ekufeni, Wakufel' es'phambanweni, Wokukhipha ezonweni, Uyavuma na?
2. Unamandla unomusa, Uyambonga na? Uyafun' ukukuvusa, Uyathanda na? Yena akabiz' imali, 'Muthi wakhe ubukhali, Uyelapha engamali Nom' ubani, qha.
3. Yena wanikela konke; Unikani na? Yena unesisa sonke; Akashiy' abantu bakhe, Abathemb' igama lakhe; Ubagcina abanake, Akukuhle na?
4. Walinyazwa ngenxa yakho, Uyakholwa na? Wazithwal' izono zakho, Uzivuma na? Wayekheth' ukub' adelwe, Ngenxa yakho abethelwe 'Kuze wen' uthethelelwe, 'Suyamthanda na?
5. Ku'kuphila ukumazi, Uyamazi na? Um'sa wakhe usuwazi Ngokwempela na? Lom'sa ungakufundisa Ube-nakh' ukuphikisa Konk' okungakukhohlisa. Ufundile na?
6. 'Jesu, Mhlobo wesifuba, Usunaye na? Khon' impela ungahuba, Ujabule la. Akusekho ukulahlwa, Ngom'sa wakhe uzophahlwa, Noma wena uzokhahlwa Abomhlaba la.