155. Amanzi okuphila
1. Wena-ke owomileyo, Woza emthonjeni-ke, Onamanzi okuphila, Woza manje, phuza nje! Ophuzayo lawamanzi, 'Komi, qha, 'Komi, qha! Ophuzayo lawamanzi, 'Komi naphakade, qha!
2. Lawamanzi okuphila, Awaphiw' uJesu nje Kubo abakholwa nguye, Nabafuna wona-ke.
3. Lawamanz' ubaphuzisa Abaphel' amandla nya; Babenaw' amandl' amasha Okuhamba kahle la.
4. Imifula yokuphila Yophuphuma kuye lo, Ophuzayo emthonjeni Lo omangalisayo.