156. Woza kuJesu
1. Woza kuJesu, uMfeli wakho, Wothethelelwa izono zakho. Yizwa umemo IweNkosi yakho, Oluthi: "Woza kimi!" Yebo, woza kuMsindisi wakho, Wobusiswa ekuzeni kwakho; Wokukhulul' ezonweni zakho, Woza kuyena manje.
2. Mus' ukuhamba ngaleyondlela Eshonisayo kabi impela; Buyela kuye , owakufela, Woza kuyena manje.
3. Yiyo İNkosi isakubiza, Iyanxanela ukukusiza, Uma ufika yokuphilisa, Ngakho-ke woza manje.
4. Uma unqaba ukulalela Uyakubhubha kabi impela; Uyakushona ngaleyondlela Eya esihogweni.