156. Woza kuJesu

1. Woza kuJesu, uMfeli wakho, Wothethelelwa izono zakho. Yizwa umemo IweNkosi yakho, Oluthi: "Woza kimi!" Yebo, woza kuMsindisi wakho, Wobusiswa ekuzeni kwakho; Wokukhulul' ezonweni zakho, Woza kuyena manje.

2. Mus' ukuhamba ngaleyondlela Eshonisayo kabi impela; Buyela kuye , owakufela, Woza kuyena manje.

3. Yiyo İNkosi isakubiza, Iyanxanela ukukusiza, Uma ufika yokuphilisa, Ngakho-ke woza manje.

4. Uma unqaba ukulalela Uyakubhubha kabi impela; Uyakushona ngaleyondlela Eya esihogweni.