157. Lifikile iVangeli

1. Lifikile iVangeli Esizweni sakwaZulu, Lilethile ukukhanya Nezinhlanhla ezinkulu. Imikhuba yobumnyama lyaxoshw' ikhwezi leli; Siyabingelel' ukusa, Lifikile iVangeli.

2. Lifikile iVangeli, Balileth' abafundisi; Beza basishumayeza Ngay' uBaba, uMsindisi, Olithanda izwe lonke, Wehla yena waba 'Mfeli; Siyahalalis' impela, Lifikile iVangeli.

3. Lifikile iVangeli, Lona lisitshel' ukuthi Masilahle zonk' izono, Ngoba zona ziwubuthi. Sesimaz' uMoy' omuhle, UngoMhlengi, unguMeli. Siyabonga nokubonga, Lifikile iVangeli.

4. Lifikile iVangeli, Sesinal' ithemb' impela, Sinekhaya le phezulu, Lapho soziphumulela, Mhla simuka kulelizwe, Sesinaye uMholeli. Haleluya! Haleluya! Lifikile iVangeli.