164. Indaba emnandi

1. Imnand' indaba yaphezulu, Iliqiniso elikhulu, NgeMvana le kaNkulunkulu, Yon' indaba kaJesu. Landa futhi ngoJesu, Landa futhi ngoJesu, Ngize ngimaz' Ongithanda kangaka, Landa futhi ngoJesu.

2. Kunyamalala okomhlaba, Kunjengenkungu yezintaba, Ziguga zonke izindaba, Qha, indaba kaJesu.

3. Nxa ungibona nginosizi, Ngiding' ukuzwa ngoMsindisi; Nguyena yedwa, kajabhisi, Landa futhi ngoJesu.

4. Noma ngile ebukhosini, Ngabelw' indawo ebomini, Ngoyenamiswa ezulwini Ngay' indaba kaJesu.