170. Sekusile
1. Ubusuku budlulile, Kwasa enhliz'weni yami, Amathunzi aphelile, Kwasa enhliz'weni yami. Sekusile, sekusile, Sekusile enhliz'weni yami. UJes' ungukukhanya kwami, Sekusile enhliz'weni.
2. Wazisul' izinyembezi, Kwasa enhliz'weni yami, UMsindisi ulikhwezi. Kwasa enhliz'weni yami.
3. Kade ngangiyisigqila, Kwasa enhliz'weni yami, Ngakhululwa, sengiphila, Kwasa enhliz'weni yami.
4. Nxa ngiyenz' intando yakhe, Kusa enhliz'weni yami; Kawusind' umyalo wakhe, Kwasa enhliz'weni yami.
5. Wena osenobumnyama, Woza naw' ekukhanyeni, Uzophiwa ukwenama Nokukhanya enhliz'weni. Kuzokhanya, kuzokhanya, Kuzokhanya enhliz'weni yakho. Vum' izono, vul' umnyango! Kuzokhanya enhliz'weni.