171. Nanto udaba

1. Nanto udaba, udaba lukaJesu, Udaba oluhl' oluthokozisayo. Bamenywa aboni, sheshani, sheshani! Sabela-ke manje, nguwen' obizwayo. Sabel' uyabizwa, Sabel' uyabizwa, Ubizw' uMsindisi Ubizwa manje.

2. Nanto udaba, udaba lukaJesu; Waqhutshwa uthando ukuz' emhlabeni; Ethanda aboni, ezobasindisa, Abamvumelayo angene enhliz'weni.

3. Nanto udaba, udaba lukaJesu. Lalela, phenduka wen' ohlubukayo. Akhuhlwanyelayo umuntu wovuna, UThixo kahlekwa ngumuntu ohlekayo.