172. Buya, mngane!

1. Wena, mngan' olahliweyo, Buya-ke! KuMalus' olungileyo, Buya-ke! Kuy' uJes' osakhalela 'Bantu bakhe abamdela, Usathand' ukubam'kela. Buya-ke! Woza, egameni lakhe, KuYihlo onguMdali; Welula izandla zakhe. Sabela manje, ungamali.

2. Ak' usuk' ebumnyameni, Buya-ke! Uze manj' ekukhanyeni, Buya-ke! Ulahliwe ezonweni, Uyaqonda ekufeni, Phendukel' ekuphileni. Buya-ke!

3. 'Sundiniwe ezonweni, Buya-ke! Suka ezingulubeni, Buya-ke! Ungakasho: "Thethelela", Nang' uYihlo wokwam'kela, Akanakh' ukukudela, Buya-ke!

4. Mngane, ungabolibala, Buya-ke! Inhliziyo iyakhala, Buya-ke! Ungumuntu onosizi, Uyamdingaa uMsindisi; Nang' uJesu, uMphilisi, Buya-ke!