173. Umthimba

1. Ikhon' indawo emthimben' omkhulu, Ebukhosini bukaNkulunkulu. Ngena, ngena! Indawo isekhona.

2. Sekuntambama, seliyakushona, Nank' amathunzi asemade wona.

3. Indlu yomthimba isivunuliwe, Isiyagcwala, ngena, umenyiwe.

4. Umnyango nanku usuvulekile, Sheshis' ungene, sebekubhekile.

5. Lomkhos' ongaka uhlatshelwe wena, Owabhunguka, usubuya njena?

6. Namp' abasezulwini bakuqhweba, Basinga, yebo, nampo bayageba.

7. Osadelayo, maye, uzokhala, "Usivulele, Nkosi!" lyakwala. Maye, maye! Indawo ayisekho!