176. Phenduka namhla!

1. Soni, esinenhliziyo Eyoniw' isono, wo! Woza kuMsindisi wakho, Wosindiswa nguye lo! O, pheduka namhlanje! Uyabizw' İNkos', ehe! Uyabizwa namhlanje.

2. 'Jesu othobekileyo, Useduze manje la, Uyakumvulela nini LowoMhlobo wakho na?

3. Mus' ukulibala futhi, Bamb' ithuba lelike! Ngoba awuyikubizwa Njalo njengalokho nje.

4. Ngenhliziy' ephukileyo, Guqa ngamadolo la, Vum' izono zakho kuyo, Yozisusa zonke nya.

5. Awumuzwa enhliz'weni Ukuthinta kwakhe na? Mvumele, wokuhlanza Ube-mhlophe uthi qhwa.

6. 'Zingelosi ziyafisa Ukubika khona le, Uma ususindisiwe, Ziyoshay' ihlombe, he.