178. Phaphamani bazalwane
1. Phamphamani bazalwane bakaKristu! Vukanini! Sekusile bo! Hlomanini izikhali, bazalwane, Nisakwelwa ubuthongo, wo! Vukanini, bandla bo! Anibon' izitha na? Hlomanini izikhali zokukholwa, NgoSomandla sizonqoba, ngo!
2. Ubutshwala, namanyala, bazalwane, Akuzon' izitha zethu na? USathan' usivukele, bazalwane, Somvumela yini? Ngeke, qha!
3. 'Zinkanuko, yek' ihlazo, bazalwane! Sesikwelwa amahloni, wo! Ziyaqed' ibandla lethu, bazalwane, Akusil' icala lethu, pho?
4. Qhubekani, qinisani, bazalwane, Ningahlehli, ngisho nakanci. Ningabheki ngasemuva, bazalwane, Yimanini isibindi, ngqi!