181. Amandla oMsindisi

1. Bhekani nibone amandl' oMsindisi Abonakaliswa ngoSawul', umFarisi, Owayezingela ehluph' amakholwa Esesendleleni, ngonyazi wafolwa. Simhalalisela uJes' unamandla, Sengath' anganqob' abaningi nanamhla.

2. USawul' esebuz': "Ungubani-ke Nkosi!" Waselizw' ilizwi kungathi udosi: "Nginguye uJesu waseNazaretha; Sukum' ulalele, ngoba ngakukhetha."

3. Waholwa ngesandla, engena emzini, 'Zinsuku zintathu wanxus' eNkosini. Phezulu kwathiwa: "Nang' uyakhuleka." Iqhawe lokulwa, nanto, langobeka

4. USawul' waphenduka ikholwa impela, Ehamba noJesu lapho emholela; Waqala masinya ukufakazela Umusa kaJesu, owamhawukela.