186. Phenduka
1. Wemhlobo wethu, osewudlala Nokufa, wo! Phaphama manje ungabolala, Uzofa, bo! Uyoshonaph' ekufeni na, Lapho ubizw' ukumuka la?
2. Umuzw' uJesu, usakubiza, Uze unje; Ngomusa wakhe wokusindisa. Lalela-ke! Libamb' ithuba lanamhlanje, Ngomusa ungaliswela, he!
3. Phenduka-ke endleleni yakho; Phenduka, dwa. Uhlanzwe nguye umoya wakho; Ukuthi qhwa! Umnike yonk' inhliziyo-ke, Ungabomncisha indawo, he.
4. Uash' uJesu: "Ukholwe yimi" Okunye qha! 'Nhliziyo yakho ingagijimi Lapho na la. Ukheth' inkos' ibe-yinye la. Ungewakhonz amabili, qha!