198. Yeka uthando
1. 'Kenibhek' uthando Iwakhe, Asinike lon' uYise, Sesithiwe abantwana, Futhi usamukelise 'Moya wakhe enhliz'weni. Oysibambiso sethu, Ufakaza emoyeni, Ulikhomba ifa lethu. Yek' umusa! Yek' uthando! Sesingabantwana bakhe. Yek' umusa! Yek uthando! Siyizindlalifa zakhe.
2. 'Kenibhek' uthando Iwakhe, Wanikela ngeNdondana, Eyayithandeka kuye, Ezelweyo iyodwana; Yeza yona yasisiza, Yabonis' uthando Iwayo, Yasibekel' ukuphila Esiphambanweni sayo.
3. 'Kenibhek' uthando Iwakhe, Ngob' usikhethile futhi Sibe-ngamanxusa akhe, Sibatshele bonk' ukuthi: Okholwayo loluthando Wosindiswa ezonweni; Kodwa odelayo lona, Uyoshona ekufeni.