199. Sesizwile

1. Sesizwile izindaba Zombuso omkhulu, Masidele okomhlaba, Sam'kel okwezulu.

2. Thina sonke simenyiwe Ukuz' edilini, Nengubo siyinikiwe, Ivel' eNkosini.

3. Masingabi namazaba, Sizilandulele, Sam'kele ngokwethaba, Umem' olungcwele.

4. Ngoba uma sesinqaba Ukuz' emthimbeni, Idlule kithi lendaba, Imem' ezizweni.

5. lyogcwala indlu yakhe, Kuvalwe emnyango. Owudele um'sa wakhe, Uphandle kwesango.

6. Lapho bazokhala, bethi: "Nkosi sivulele!" Kepha yophendula ithi: "Dedani, niye le!'