202. Umbhapathizo
1. Simi lapha, Nkosi yethu, Emanzini phambi kwakho; Msize ozobhapathiswa, Imkhanyel' indlela yakho.
2. Makambelwe nawe, Jesu, Ngaw' umbhapathizo namhla; Njalo makavuke nawe, Mawumzwis' amany' amandla.
3. Nxa evuma njalo, Nkosi, Phambi kwakho, nal' ibandla. Ngakh' ukufa nokuvuka, Makasizw' esakh' isandla.
4. Abe-nguy' omiyo, Nkosi, Njalo othandweni Iwakho; Nangenkambo yonke yakhe, Kudunyisw' igama lakho!