205. Nkosi, sifunze!
1. Nkosi, funza wena ubusise Nank' umhlambi omcinyane wakho. Usinik' imana, uqinise Inhliziyo othandweni Iwakho.
2. Ulambile, sewomil' umhlambi, Wena wedwa uyasanelisa. Usithele ngaso isihlambi Som'sa wakho, kuyasidelisa.
3. Singephile ngas' isinkwa sodwa Kepha ngaw' amazwi akho, Baba. Siqiniswa ngawo khona kodwa, Singabamb' indlela ngokwethaba.
4. Yiba khona ekuhlephuleni Lesisinkwa sakho, Nkosi yethu' Futhi sidle naw' esithebeni, Ngomhla sibuthen' ekhaya lethu.