206. Ukuvula indlu yesonto

1. Sibuthene namhla, Baba, Ukuvula indlu yakho; Siyabonga, siyethaba Nxa sisebusweni bakho. Wena onamandla onke, Ungumthomb' womusa wonke. Mawusibusise sonke, Silalele izwi lakho.

2. Jesu, Nkosi, siyacela, Yiba nathi lapha njalo; Ngoba wena wasifela, Lokho kuphelis' uvalo. Siqinise othandweni, Sivuthise emoyeni Ngezwi lakho embhalweni, Mawusilungise njalo.

3. Nkosi, onguMoy' oNgcwele, Wena onguMsizi wethu, Siza, usichasisele Konke ukudinga kwethu. Sibhekise eNkosini Yon' eyasifel' emthini, Esimela ezulwini, Yona elithemba lethu.

4. Lendlu siyakhele yona, Simakade, Thixo 'mkhulu, U'ba udunyiswe khona, Sikuqonde okwezulu. Libusise izwi lakho, Nazo izithunywa zakho, Nabo bonke' abantu bakho, Ngobusiso olukhulu!