21. Malenanele izulu

This hymn expresses profound gratitude for God's forgiveness and cleansing through Jesus' sacrifice, offering hope and joy to believers who are kept safe and loved by Him, and anticipating a heavenly inheritance. It emphasizes the believer's close relationship with God, living in His light and guided by His grace, secure in the promise of victory over earthly struggles.

1. Lenan' izulu ngeculo lami, Ngithethelelwe izon zam'! UJesu wafa 'ndaweni yami, Izono zami zikude nam'; Njeng' enhlukano yempumalanga, Nentshonalanga, sikude le. Ushilo njalo, akanamanga, Ngithemba kuye, ngimbonga nje.

2. Sengiyahamba ekukhanyeni, Igazi liyangihlanza, qhwa. Uyangigcina nasothandweni, Ngiphathwa njalo ngomusa, dwa. Noma ngiyize la' othulini, Ngiyindlalifa yeNkosi le. Imfuyo yami isezulwini, Igcinwe kahle impela, he!

3. Nalenjabulo esenginayo Ngingeyaphucwe ngumutnu, qha! Noma ngihlezi ngizindla ngayo. Imiyalo yakhe inzima na? Uhlala kimi, ngihlala kuye, Nguyen' owenz' umsebenzi la, Kozinikela, aphathwe nguye, Uyamnqobela nezitha nya.

4. Anduba ngiyakumbona khona Ekhaya lakhe, phezulu ha. Bazokhanyis' okwelanga bona Abamlandel' emhlabeni la. Yebo-ke nawe ongakakholwa, Uyabizelw' enhlanhleni bo; Lomus' ongaka sewungatholwa, Wanele bonke umusa lo.