211. Emthimbeni

1. Emthimbeni waseKhana Bemmemil' uJesu futhi Kanye nabafundi bakhe Nang' unin' ebik' ukuthi; "Nant' iwayini liphelile!" Yebo, kuyaphel' okwethu; Ngakho sikumema, Jesu, Ube-yinjabulo yethu.

2. Sibuthene lapha namhla, Abomthimba nabayeni. Nang' umyeni nomakoti, Babusis' emphefum'Iweni. Ubanik' uthando Iwakho, Ngob' olwabo luyaphela, Bangehlalisane kahle, Njengomyalo ubatshela.

3. Ubuhlanganise, Nkosi, Ubenze babe-nyamanye, Bathandane, basizane Kukho konke kanye kanye. Khona-ke ikhaya labo Lob' inqaba yokuthula, Libiyelwe ngal' uthando, Lapho bayakuphumula.