213. Uyadlula
1. Uyadlula ngokushesha; Konje ubangephi na? Uyayaz' indlela lena Osahamba ngayo na? Uyadlula, uyadlula, Uya ezulwini na?
2. Uyadlula ngokushesha; Lingemisw' ilanga, qha, Liyaphuma, liyashona, Awuyikushona na? Uyadlula, uyadlula, Awanakuhlala la.
3. Uyadlula ngokushesha; Uyadlulelaphi na? Ezulwini ungengene, Ungaphendukanga, qha. Uyadlula, uyadlula. Wophenduka nini na?
4. Uyadlula ngokushesha; Kusondel' ukufa, ha! "Akumang' ungenathuna." Uyophepha wena na? Uyadlula, uyadlula, Akukheth' ukufa, gha.