215. Nina enisebasha
1. Nin' abash' eniqondayo Ekulahlekeni kwenu, Nikhohliswa njal' ukona, Imbi leyondlela yenu. Aniboni yini nina, 'Kuthi niya ekufeni? Mbhala, nina nizogcina Ngokulahlw' ebumnyameni? Manimfune uSomandla, Esenokutholakala; Nxa nimuzwa engqongqotha, Ningaval' umnyango mbala?
2. Nin' abash' enidlalayo, Khumbulani kodw' ukuthi, "Lokhu akuhlwanyelayo 'Muntu uyovuna futhi." Izimvalo nen'yembezi Zolandela imidlalo, Cing', imbali inameva, Azohlaba wena njalo.
3. Nin' abasha ningachithi Isikhathi sen' esihle, Nisiphiwe son' iNkosi, Nant' ithuba len' elihle. Nxa nifuna ukuphila Nokujaja, yizwanini, Yikhethen' iNkosi namhla! Nin' abasha senithini?