218. Uyangithanda
1. Ungithand' uJesu wam', Kusho iBhayibheli lam'; Wabagona kahle-ke Abalethwa kuye, he! UMsindisi wam' Uyangithanda, Uyangithanda, Uyangithanda nam'.
2. Ungithand' uJesu nam', Owathwal' izono zam', 'Kuze zipheliswe dwa, Ngibe-mhlophe ngithi qhwa!
3. Ungithand' uJesu nam', Yena unguMhlengi wam'; Nxa ngimthanda khona la, Ngoba naye laphaya.
4. Ungithand' uJesu nam', 'Khaya lakhe lingelam'; Futhi masinyane nje, Wongilanda ngiye le.