219. Ngiyothemba muphi

1. Intombazan' ethile Ilele embhedeni. 'Bazali babekhala, Ngob' isisekufeni. Bebon' izobashiya, Ibizw' uMdali wayo, Simbelwe ethuneni 'Sidumb' esihle sayo.

2. Uyise walomntwana Wamphik' uNkulunkulu Edela um'sa wakhe, Nekhaya lephezulu. Unina wayekholwa KuJes', uMhlengi wakhe, Wab' eyifundisile Lentombazana yakhe.

3. Ngoluny' usuk' uyise Ehlezi yedwa nayo, Yazam ukukhuluma', Lincane izwi layo. Yathi: "Sengonishiya, Uyaf' umzimba wami, Kepha-ke woyangaphi Umphefumulo wami?

4. Niyangingabazisa, Ngiyakukholw' ikuphi? Niyaphambana nina, Ngiyakwethemba muphi? Umam' ungitshelile Ngekhaya lephezulu, Ubab' uphika izwi NgelikaNkulunkulu."

5. Wayesekhal' uyise, Ngosizi eyitshela: "Wokholw' akush' unyoko, Uqinisile yena." Khona intombazana Yathol' ukujabula Ethemba kuy' uJesu, Yayisiwel' umfula.

6. Wayefuman' uyise, Noma esenosizi, Umusa nokuthula KuJesu uMsindisi. Wabona konk' okunye Kuyinkohliso yodwa. Ilizwi elimiyo NgelikaJesu lodwa.