220. Niyabizwa

1. Nang' uMsindisi uyanibiza, Nina bantwana wonibusisa; Nguye othanda ukunisiza, Uthi: "Zanini kimi!" Yek' inhlanhla, yek' umusa bo! Siyabizwa, singanqaba, pho! Sesisondela kuMsindisi lo, Osibizele kuye.

2. Bon' abezayo bayosindiswa, Bayolungiswa, bayofundiswa, Bayakugcinwa, bojabuliswa, Bonk' abezayo kuye.

3. Yeka umemo, luhle kakhulu, Niyakuthol' umbuso wezulu, Olungisiwe nguNkulunkulu. Nize kuJesu manje!