221. Sitholile uMhlobo
1. Sitholil' uMhlob' omkhulu, Owavela ngaphezulu, Uyalaz' igama lakhe yini na? Lingu Jesu, mninimusa; Washo kub' ababekuza: "Ningabanqabel' ukuza kimi, Qha!" 'Mbus', wezul' owabantwana. Nant' iculu, lihle, hle! Ngingamshiy' uJesu na? Ngiyokhonz' ukona, qha! Ngiyathanda lowombus' omuhle le.
2. Abantwana wabaphatha, Ebathand' ebasingatha, Iph' iNkosi enomus' ongaka na? Wababek' izandla zakhe, Ebabel' umusa wakhe, Kadelanga ubungane babo, qha!
3. UMalusi weth' omuhle, Uyasipha konk' okuhle, Nani anithand' ukuza kuye na? Yena wobagcin' abakhe, Wobaphath' uqobo Iwakhe, Bangebhubhe abaphathwa nguye, Qha!