223. Yizwanini
1. Yizwanini, emkhathini Kuzwakele ukucula! Bayaqhuba ukuhuba, 'Kudumisa okomfula. Vumanini, 'Gam' elihle eNkosini! Vumanini, 'Gam' elihle eNkosini! Ho, ho! Igam' elihle! Vumanini!
2. Bantwanyana, nohlangana, Ukubong' Nkosi yethu! Ningathuli, ningaphuli, Nilichith' ikhwaya lethu.
3. Ukucula kuyasula 'Zinyembezi kwabaningi; Kuyamphasa, osakhasa, Esawiswa nguy' umlingi.
4. Masinyane sohlangana Nal' ibandla laphezulu. Kuzogcwala, kothalala Ukubong' uNkulunkulu.