225. Isontaskole

1. Ngithand' iSontaskole, Kula ngifunda khona NgoMhlobo wabantwana Ukuthi wabagona. Ngithand' ukusondela, Ngiluzw' uthando Iwakhe. Sengathi angiphathe Nxa ebusis' abakhe.

2. Ngithand' iSontaskole, Kula ngicula futhi Ngomusa woMsindisi, Nami-ke ngingaphuthi. Ngimbong' uJesu nami, Owangihlawulela Ngegaz' eliyigugu, Lapho-ke wangifela.

3. Ngithand' iSontaskole, Ngifund' ukulalela Nxa abazali bami, Besuka bengitshela. Ngithand' ukuthembeka, Ngibe-ngumntwan' omuhle. Baqonde bonk' ukuthi, Ngifundisiw' okuhle.

4. Ngithand' iSontaskole, Nabafundisa khona; Sengathi ngingahamba, Ngibalandele bona; Siye ekhay' elihle Phezulu eNkosini; La' sizoncinca njalo, Sibuse ebomini.