227. Umuzi wami

1. Enmiziyweni yami, Ngilangazela le, 'Jerusalem' umuzi wam' La zinhlupheko zami Ziyakuphela, nya. Enhliziyweni yami Ngilangazela lo.

2. Kuwona lowomuzi, Kakh' olilayo, qha! Emzini le, kukuhle hle, UJesu unguMbusi, Esasimkhonza la, Kuwona lowomuzi, Kakh' olilayo, qha.

3. Indlela yona kodwa, Ngoyitholaphi na? Yokuya pho, emzini lo? Sekubumnyama bodwa, Nxa ngibhekaphi la. Indlela yona, kodwa, Ngoyitholaphi na?

4. UJes' ukhomb' indlela Yokuya laphaya. Nguyena-ke, o'ndlela le, Engingayilandela, Ngisinde ngayo la. UJes' ukhomb' indlela Yokuya laphaya.