234. Siyakuma eNkosini
1. Siyakuma eNkosini, Soyibona ezulwini, Masinyane, masinyane! Ngaphesheya khona le, Sodumis' İNkosi-ke, Masinyane, masinyane! Siyakuma eNkosini, Soyibona ezulwini, Siyibonge ebomini, Haleluya, Haleluya! Siyakuma eNkosini.
2. He, bakithi, yizwanini, Sobakhona eNkosini, Masinyane, masinyane! 'Zinhlupheko, lezi-ke Zoba ziphelile le, Masinyane, masinyane!
3. Vuka, mphefumulo wami, Uyakuma eNkosini, Masinyane, masinyane! Uyikhung' iNkosi-ke, Uyofana nayo le, Masinyane, masinyane!