239. Ngingumfokazi
1. Ngingumfokazi laph' emhlabeni, Ngifun' izulu, ikhaya lam', Nom' inkathazo isendleleni, Ngophumelela ngoJesu wami': Useceleni eduze nami, Ebheka njal' ukuhamba kwam', Uzongisiza nasekufeni, Angingenise ekhaya lam'.
2. Noma ngigqok' amanikiniki, Ikhon' ingubo emhlophe qhwa. Icolekile ngizoyembatha, Mhla ngiqedile ibanga la. Nxa nginosizi nezinkathazo, Ngihlekw' usulu, ngidelwa nje, Kolunga konke nxa ngingenile Ekhaya lami elihle hle.
3. Noma ngithwele isiphambano, Sinzima sona, ngisindwa la; Ngizowuthola umqhele lapho, Okokuphila Haleluya! Ngimbone yena ongithandayo, Ngihlale naye uMfeli wam'. Ngihube khona igam' elisha Lokudumisa İNkosi yam'.