245. Izwe elihle
1. Ngiyalazi izwe le, Ngililangazela, he! Yebo, linekhaya lam' Khona kuMsindisi wam'. Khaya lam'! Lisezulwini lona. Khaya lam'! Ngiyophumula khona Khaya lam'! Sengililangazela; Lapho ngombona uMhlengi wam'.
2. Ngizibuza khona la, Ngiyofika mbala na? Ngilibon' ikhaya lam' Ngiwuthol' umqhele wam'?
3. Ngogqokiwa khona na, Ngezingubo 'mhlophe qhwa? Ngizohlabelela nam', Ngidumis' İNkosi yam'?
4. Yebo, ngawo um'sa nje, Ngithenjiswe khona-ke; Zihlanziw' izono zam' Ngay' uJes', uMfeli wam'.
5. Lapho ngikhululwe nya Kuzo zonk' insizi, ha! Ngoyibon' im'hlobo yam' Khona le, ekhaya lam'.
6. Akumangalelwa, qha, Uma ngidinwe la; Ngilifun' ikhaya lam', Ngiphumule kulo nam'.