246. Masokhele izimbhaqa

1. lyofik' İNkosi yethu, Icilongo liyobethwa, Bonk' abantu boyibona, Namakholwa azokhethwa. Masokhele izimbhaqa, Sihlalel' İNkosi njalo! Luhpelel' uthando Iwethu, Lona luyaxosh' uvalo.

2. Ulungele, ngiyabuza, Ukumhlangabez' umyeni? Uyamkhonz, uyamthanda Ngokuvutha emoyeni?

3. Wena othi ulikholwa, Mbhal' uzelw' uMoya yini? Ufundile, ugqokile, Kungesize muntu ndini.

4. Ohlalel' İNkosi yakhe, Unenhlanhla ngokwempela; lyakumqhelis' İNkosi, Yebo, iyakumklomela.

5. Nkosi, ungigcine njalo, Ngikulinde mhla ubuya, Ungam'kele ezulwini, Khona ngosho: "Haleluya!"