253. Ukuzithiba

1. Xwayani ubutshwala, 'Zinhlobo zabo zonke! Konk' okudakisayo Uhlobo lunye konke. Bunjengenomfi bona, Acupha ngab' umlingi Babhajwe, bafe khona Abantu abaningi.

2. "Ungalibhek' iwayini: Lohlab' okwebululu". Ilizwi lisho njalo Elika Nkulunkulu. Oyiphulul' inyoka, Wokhala, ethi: "Maye!" La' ipheqez' ikhanda Isuke-ke imshaye.

3. Isiga sisho futhi: "Isala ukutshelwa Sobona-ke ngomopho Ozenza kakhalelwa". Ehene, uyahlekwa Umuntu odakwayo; Wenzile ngamabomu, Nguyen' ozidlisayo.

4. Buyamaphuc' umuntu Imfuyo yonke yakhe; Buphehl' umongo wonke, Buqed' umqondo wakhe. "Zidakwa zingelidle Ilifa laphezulu." Liyanqamula juqu Elika Nkulunkulu.